Wabatshala, yebo, banezimpande; bayakhula, yebo, bathele izithelo; Useduze emlonyeni wabo futhi ukude nezinso zabo.
UDuteronomi 30:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa izwi liseduze kakhulu nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Cha, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze. IsiZulu 2020 Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze. |
Wabatshala, yebo, banezimpande; bayakhula, yebo, bathele izithelo; Useduze emlonyeni wabo futhi ukude nezinso zabo.
Kepha bona, noma befuna ukuzwa, noma bevuma, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayokwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.
Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.
Futhi lapho lokhu kwenzeka, bheka, kuyofika, khona-ke bayokwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.
Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini.
Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimi, ngokuba yena waloba ngami.
Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.
Futhi awuphesheya kolwandle ukuba nithi: ‘Ngubani oyakusiwela ulwandle asilethele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’