Hamba uyetshela inceku yami uDavida ukuthi: Itsho njalo iNkosi: Kawuyikungakhela indlu yokuhlala.
UDuteronomi 3:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangilalelanga; uJehova wathi kimi: “Makwanele; ungabe usakhuluma nami ngaloludaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangizwanga; uJehova wayesethi kimi: ‘Mawudele; ungabe usakhuluma nami ngale ndaba. IsiZulu 2020 “Kepha uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, akabe esangilalela. USimakade wathi kimi: ‘Kwanele manje; ungaphinde ukhulume nami ngale ndaba. |
Hamba uyetshela inceku yami uDavida ukuthi: Itsho njalo iNkosi: Kawuyikungakhela indlu yokuhlala.
Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.
Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
Wathi kubo: “Namuhla ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili; Angisakwazi ukungena nokuphuma; uJehova wathi kimi: “Awuyikuliwela leli Jordani.”
UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho;’ Ngikwenze wakubona ngamehlo akho, kodwa akumelwe uhambe. Lapho.