UDuteronomi 29:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Senifikile kule ndawo, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani baphuma ukulwa nathi, sabahlula; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba, IsiZulu 2020 “Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba. |
Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.
UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu; futhi samnqoba yena namadodana akhe nabo bonke abantu bakhe.
Leli zwe esalidla ngaleso sikhathi, kusukela e-Aroweri engasemfuleni i-Arinoni, nengxenye yezintaba zakwaGileyadi nemizi yalo ngalinika abakwaRubeni nabakwaGadi.
Enye insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani elalingumbuso ka-Ogi, nganika ingxenye yesizwe sakwaManase; sonke isifunda sase-Arigobi, nalo lonke iBashani, elalibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.