Ngasengisithi kubo: Sahlenga ngokwamandla ethu abazalwane bethu abaJuda, ababethengiswe kwabezizwe; futhi ningaze nidayise abafowenu na? noma bazothengiselwa thina? Bathula ke bangathola lutho lokuphendula.
UDuteronomi 28:68 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi endleleni engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awuyikuyibona futhi; niyothengiswa lapho ezitheni zenu, nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.” IsiZulu 2020 USimakade uyakukubuyisela eGibhithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe, ngathi: ‘Awusayukuphinda uyibone futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi; ningathengwa muntu.” |
Ngasengisithi kubo: Sahlenga ngokwamandla ethu abazalwane bethu abaJuda, ababethengiswe kwabezizwe; futhi ningaze nidayise abafowenu na? noma bazothengiselwa thina? Bathula ke bangathola lutho lokuphendula.
Ngokuba sithengisiwe, mina nabantu bami, ukuba sibhujiswe, sibulawe, sibhubhe. Kodwa uma sithengiswa sibe yizigqila nezigqilakazi, ngangithula ulimi lwami, nakuba isitha sasingenakubuyisela umonakalo wenkosi.
Kwathi uFaro esebayekele abantu bahambe, uNkulunkulu kabaholanga ngendlela yelizwe lamaFilisti, lanxa yayiseduze; ngoba uNkulunkulu wathi: Ukuze abantu bangaphenduki nxa bebona impi babuyele eGibhithe.
NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.
Bafika ezweni laseGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; basebefika eTagpanesi.
Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba iye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, futhi iyoqedwa yonke, iwe ezweni laseGibithe; bayoqedwa ngisho nangenkemba nangendlala; bayakufa, kusukela komncane kuye komkhulu ngenkemba nangendlala; bayakuba yinhlekisa, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba.
Bahlabela inyama yemihlatshelo yami, bayidle; kepha uJehova akabemukeli; manje uyakukhumbula ukona kwabo, ahambele izono zabo; bayakubuyela eGibithe.
Abayikuhlala ezweni likaJehova; kepha u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, badle okungcolileyo e-Asiriya.
Kodwa uba leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukuza; aqale ukushaya izinceku nezincekukazi, nokudla, nokuphuza, nokudakwa;
Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.
Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;
Ekuseni uzakuthi: ‘Awu, kwase kuhlwile! futhi kusihlwa uzothi: Ah, bekukusasa! mayelana nokwesaba kwenhliziyo yakho okwesaba ngakho, nangokubona kwamehlo akho oyokubona.
Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.