UDuteronomi 27:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ulobe ematsheni wonke amazwi alo mthetho ngokucacile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakuloba ematsheni onke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle.” IsiZulu 2020 Uyakuloba ematsheni wonke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle.” |
UJehova wangiphendula, wathi: “Loba umbono, uwucacise ezibhebheni, ukuze ofundayo agijime.
Ngakho-ke lokhu sinethemba elinjalo, sisebenzisa ukukhululeka okukhulu kokukhuluma;
Kumelwe ninikele imihlatshelo yokubonga, nidle khona, nijabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.
UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma ku-Israyeli wonke, bathi: “Qaphela, uzwe, Israyeli! namuhla usube yisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.
njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa-Israyeli njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose, i-altare lamatshe aphelele, okungekho muntu owaphakamisa insimbi phezu kwalo; banikela phezu kwalo iminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngemihlatshelo yokubonga.