Indlu, lapho yakhiwa, yakhiwa ngamatshe alungisiwe ingakafikiswa khona, ukuze kungezwakali isando, nembazo, nanto yonke yensimbi endlini, isakhiwa.
UDuteronomi 27:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe wakhe i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe aphelele, unikele phezu kwalo iminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho, IsiZulu 2020 Uyokwakha i-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuSimakade uNkulunkulu wakho. |
Indlu, lapho yakhiwa, yakhiwa ngamatshe alungisiwe ingakafikiswa khona, ukuze kungezwakali isando, nembazo, nanto yonke yensimbi endlini, isakhiwa.
Futhi uma nifuna ukungenzela i-altare lamatshe, akumelwe nilakhe ngamatshe abaziweyo; ngoba uma uphakamisa ithuluzi lakho phezu kwalo, ungcolisile.
nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.
Uzakwakhela uJehova uNkulunkulu wakho i-altare lapho, i-altare lamatshe; ungaphakamiseli isikhali sensimbi phezu kwawo.
Kumelwe ninikele imihlatshelo yokubonga, nidle khona, nijabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.