ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.
UDuteronomi 27:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bayakuma entabeni yase-Ebali ukuba baqalekise; uRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali. IsiZulu 2020 Nampa abayokuma entabeni i-Ebhali ukuba baqalekise: uRubeni, uGadi, u-Asheri, uZebuloni, uDani, noNafethali. |
ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.
Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile ilobolo elihle; manje umyeni wami useyakuhlala nami, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha; waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, ubeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.
Bamelwe ukuma entabeni yaseGerizimu ukuze babusise abantu lapho niwela iJordani; oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;
AmaLevi kumelwe akhulume futhi akhulume ngezwi elikhulu kuwo wonke amadoda akwa-Israyeli athi:
Ngakho-ke nxa selichapha iJordani lizamisa lamatshe engililaya ngawo lamuhla entabeni yeEbali, liwanameke ngodaka.
Wonke u-Israyeli, namalunga akhe, nezikhulu, nabahluleli bakhe, bema ngalapha komphongolo nangapha phambi kwabapristi, amaLevi athwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nomfokazi, naye wazalwa phakathi kwabo; inxenye yabo malungana nezintaba zeGerizimu, nenxenye yabo malungana nentaba yase-Ebali; njengalokho uMose inceku kaJehova ayala ngaphambili ukuba babusise abantwana bakwa-Israyeli.