Kwakukhona amadoda amane anochoko ngasemnyango wesango, athi omunye komunye: “Sihlaleleni lapha size sife na?
UDuteronomi 24:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khumbula lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni ngemva kokuphuma kwenu eGibhithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe. IsiZulu 2020 Khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni lapho niphuma eGibhithe. |
Kwakukhona amadoda amane anochoko ngasemnyango wesango, athi omunye komunye: “Sihlaleleni lapha size sife na?
Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu bonke abantu abanochoko, nabo bonke abacucuzayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo.
Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.
Lezizinto zaba yizibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengalokhu bona bafisa.