Waphuma owokuqala ebomvu, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu.
UDuteronomi 23:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana abazelwe yibo bayakungena ebandleni likaJehova esizukulwaneni sabo sesithathu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova. IsiZulu 2020 Abantwana besizukulwane sesithathu abayobazala, bayongena ebandleni likaSimakade.” |
Waphuma owokuqala ebomvu, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu.
Ngasemuva kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sabamba isithende sika-Esawu; igama lakhe lalinguJakobe, u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
USolomoni wazihlanganisa noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha eyakhe indlu, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.
Kwathi lezo zinto sezenzekile, izikhulu zeza kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bamazwe ngokwenza izinengiso zabo kumaKhanani namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, namaMowabi, namaGibhithe, nama-Amori.
Ohlabela noma yimuphi unkulunkulu, ngaphandle kukaJehova yedwa, uyoshaywa ngesiqalekiso sokuxoshwa.
Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.
Ngenxa yobudlova bakho kumfowenu uJakobe buyakusibekela, futhi uyonqunywa kuze kube phakade.
Awuyikunengwa umEdomi; ngoba ungumfowenu; ungamzondi umGibhithe; ngoba wawungowemzini elizweni lakhe.
Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;