Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.
UDuteronomi 22:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Indoda mayingathathi umkayise, ingambuli ingubo kayise; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Umuntu angathathi umkayise, ambule umphetho wengubo yakhe. IsiZulu 2020 “Umuntu akakwazi ukuthatha umkayise, ambule ingubo kayise.” |
Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.
Umuntu olala nomkayise wambulile ihlazo likayise; bobabili bayakubulawa impela; igazi labo liyakuba phezu kwabo.
Kodwa uNkulunkulu uyabahlulela abangaphandle. Ngakho susani phakathi kwenu lowomuntu omubi.
Khona-ke indoda elale nayo kumelwe inike uyise wentombazane amashekeli angamashumi amahlanu esiliva, futhi kumelwe ibe umkakhe; ngokuba emlulazile, angeze amlahla zonke izinsuku zakhe.
Uqalekisiwe olala nomkayise; ngoba usembulile isembatho sikayise. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!
Wathi: “Ungubani na?” Wathi: “Ngiyincekukazi yakho uRuthe; wendlala ingubo yakho phezu kwencekukazi yakho; ngoba uyisihlobo esiseduze.