Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.
UDuteronomi 22:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uma le nto iyiqiniso futhi izimpawu zobuntombi zingatholakali entombazaneni: IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha-ke uma le nto iqinisile yokuthi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini, IsiZulu 2020 “Nokho uma lokho kuyiqiniso, bungatholakalanga ubufakazi bokuthi ibiseyintombi, |
Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.
Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese.
Kwatshelwa, wakuzwa, wabuzisisa, bheka, kuyiqiniso, nendaba iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwa kwa-Israyeli.
Kumelwe bamkhokhele amashekeli esiliva ayikhulu alinike uyise wentombazane, ngoba wavusa igama elibi entombini yakwa-Israyeli; yena abe ngumkakhe; angeze amlahle zonke izinsuku zakhe.