Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo.
UDuteronomi 20:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakwenza kanjena ngayo yonke imizi ekude kakhulu nani, engekho phakathi kwemizi yalezi zizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe. IsiZulu 2020 Uyokwenza kanjalo kuyo yonke imizi ekude nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe. |
Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo.
Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.
Kodwa emizini yalababantu uJehova uNkulunkulu wakho azakunika yona ibe yilifa, ungaphili lutho oluphefumulayo.
Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Ngokuba zatshelwa nokutshelwa ezincekwini zakho ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, abhubhise bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, ngalokho sahlupheka kakhulu, sesaba kakhulu. Ukuphila kwethu ngenxa yenu, futhi senza le nto.
Base bethi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba sizwile umbiko wakhe nakho konke akwenzayo eGibithe,