Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 20:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 20:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuzothatha impango kubo, bathola phakathi kwabo ingcebo eningi kanye nezidumbu nezinto eziyigugu abazithathela zona, babengenakumuka nabo; baba yizinsuku ezintathu bebutha impango, yayiningi kakhulu.


Amakhosi ebutho abaleka masinyane, nenkosikazi eyayisele ekhaya yahlukanisa impango.


Athatha yonke impango nayo yonke impango yabantu neyezilwane.


Baletha abathunjwa, nempango, nempango kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nasenhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.


Wayesethi uMose kubo: “Nibaphilise bonke abesifazane na?


Kepha bonke abantwana babesifazane abangayazi indoda ngokulala nayo, zigcineni niphila.


Abantwana bakwa-Israyeli bathumba bonke abesifazane bakwaMidiyani nabantwana babo, bathumba zonke izinkomo zabo, nayo yonke imihlambi yabo, nayo yonke impahla yabo.


Qha, kukho konke lokhu singabanqobi ngaye owasithandayo.


Izinkomo kuphela esazithathela zona njengempango, nempango yemizi sayithumba.


Niyakwenza kanjena ngayo yonke imizi ekude kakhulu nani, engekho phakathi kwemizi yalezi zizwe.


Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli bazithathela yona njengempango; kodwa bababulala bonke ngosiko lwenkemba baze babaqeda, abavumelanga muntu ukuphefumula.


Wakhuluma kubo, wathi: “Buyelani ematendeni enu nengcebo eningi, nemfuyo eningi, nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi; hlukaniselani abafowenu impango yezitha zenu.


Uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; kuphela impango yalo nezinkomo zalo niyakuzithathela lona; ziqamekele umuzi emva kwawo.