Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.
UDuteronomi 2:31 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathi kimi: “Bheka, sengiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho; qalani ukulidla, ukuze lidle ilifa lelizwe lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova wayesethi kimi: ‘Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.’ IsiZulu 2020 “USimakade wayesethi kimi: ‘Bheka, sengiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe kuwe: qala ukulidla izwe lakhe ukuba libe yifa lakho.’ |
Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.
Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.
Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ukuba amnikele esandleni sakho, njengokuba kubonakala namuhla.
USihoni wayesephuma wasihlangabeza, yena nabo bonke abantu bakhe, ukulwa eJahazi.