Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.
UDuteronomi 2:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 abantu abakhulu, abaningi nabade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babalandela, bahlala endaweni yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo, IsiZulu 2020 abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. USimakade wawabhubhisa bebuka, wawaphuca izwe lawo, kwase kwakha abakwa-Amoni endaweni yawo. |
Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.
(Lalibhekwa njengezwe lamaRefa; amaRefa ayehlala kulo ezikhathini zasendulo; abantwana bakwa-Amoni bababiza ngokuthi amaSamumu;
Njengalokho wenza kubantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri, lapho ebhubhisa amaHori phambi kwabo; bawalandela, bahlala ezindaweni zabo kuze kube namuhla.
Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.
Aniyikuthatha yini lokho unkulunkulu wenu uKamose akunika khona ukuba ukudle? Yilowo nalowo uJehova uNkulunkulu wethu amxoshayo phambi kwethu, siyakumdla.