Isiprofetho ngoMowabi. Ngokuba ebusuku i-Ari lakwaMowabi liyachithwa, lithulisiwe; ngoba ebusuku iKiri lakwaMowabi liyachithwa, lithulisiwe;
UDuteronomi 2:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Namuhla niyakudabula i-Ari, ugu lwakwaMowabi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi; IsiZulu 2020 ‘Wena usuzoliwela i-Ari, umngcele kwaMowabi. |
Isiprofetho ngoMowabi. Ngokuba ebusuku i-Ari lakwaMowabi liyachithwa, lithulisiwe; ngoba ebusuku iKiri lakwaMowabi liyachithwa, lithulisiwe;
Basuka lapho bamisa inkamba ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane eliphuma emkhawulweni wama-Amori; ngokuba i-Arinoni ingumkhawulo wakwaMowabi, phakathi kukaMowabi nama-Amori.
USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma ukulwa no-Israyeli ehlane; wafika eJahazi walwa no-Israyeli.
UJehova wathi kimi: “Ningabakhathazi abakwaMowabi, ningalwi nabo empini, ngokuba angiyikuninika izwe labo libe yifa; ngoba iAri ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.
Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.