Lapho isideleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha; uma ohlakaniphileyo efundiswa, uyakwamukela ukwazi.
UDuteronomi 19:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besenza ububi obunjalo phakathi kwenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwakho. IsiZulu 2020 Abaseleyo bayozwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwenu. |
Lapho isideleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha; uma ohlakaniphileyo efundiswa, uyakwamukela ukwazi.
Wonke u-Israyeli uyakuzwa lokhu, esabe, angabe esabenza ububi obunjengabo phakathi kwenu.
Uma uzwa komunye wemizi yakini esho lokho uJehova uNkulunkulu wakho akunike khona ukuba uhlale khona, ngokuthi:
Izandla zabafakazi kumelwe zibe phezu kwakhe kuqala ukuze ambulale, bese kuba izandla zabo bonke abantu. Ngakho kufanele ususe ububi ngaphansi kwakho.
Bonke abantu bomuzi wakubo bayakumkhanda ngamatshe, afe; khona-ke kumelwe ususe ububi ngaphansi kwakho; wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe.