Bagcina inkonzo yetende lokuhlangana, nenkonzo yendlu engcwele, nenkonzo yamadodana ka-Aroni, abafowabo, enkonzweni yendlu kaJehova.
UDuteronomi 18:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke kumelwe akhonze egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe, njengabo bonke abafowabo, amaLevi, abami lapho phambi kukaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakukhonza egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe njengokwenza kwabo bonke abafowabo amaLevi emiyo khona phambi kukaJehova. IsiZulu 2020 uyokhonza egameni likaSimakade uNkulunkulu wakhe njengabo bonke abafowabo, abaLevi, abama lapho phambi kukaSimakade, bemkhonza. |
Bagcina inkonzo yetende lokuhlangana, nenkonzo yendlu engcwele, nenkonzo yamadodana ka-Aroni, abafowabo, enkonzweni yendlu kaJehova.
“ ‘Uma umLevi ephuma kwelinye lamasango akho, evela ku-Israyeli wonke, lapho egogobele khona njengowezizwe, eze nazo zonke izifiso zenhliziyo yakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha;
Bayoba nezabelo ezifanayo ukuze badle, ngaphandle kwalokho okuvela ekuthengisweni kwefa lakhe.