Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;
UDuteronomi 18:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho abayikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa labo, njengokusho kwakhe kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso. IsiZulu 2020 Abayukuba nafa phakathi kwabafowabo; uSimakade uyifa lakhe, njengalokhu eshilo kuye. |
Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.
Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova; abantu bayakuthi niyizinceku zikaNkulunkulu wethu; niyakudla ingcebo yabezizwe, nizidumise enkazimulweni yabo.
Kumelwe kube yifa labo: Mina ngiyifa labo; aniyikubanika mpahla kwa-Israyeli; Mina ngiyimpahla yabo.
INkosi yasisithi kuAroni: Kawuyikuba lelifa elizweni labo, njalo kawuyikuba lesabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho lelifa lakho phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.
Ngalokho wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngubupristi kukho konke okwase-altare nangaphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngininikile ubupristi benu njengesipho; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.
Ngakho uLevi akanasabelo nafa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho emthembisile.
Isizwe sakwaLevi sodwa akasinikanga lifa; iminikelo yomlilo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iyifa labo njengokusho kwakhe kubo.
Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;