Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 17:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kuyakuthi lapho ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela ikhophi yalo mthetho encwadini ephuma kuleyo ephambi kwabapristi bamaLevi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Kuyothi lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, azilobele ifuzela lalo mthetho, ethathisela emqulwini okubaphristi abangabaLevi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 17:18
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;


Wayikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi; bambeka inkosi, bamgcoba; futhi bashaya izandla bathi: UNkulunkulu makasindise inkosi!


Wayesethi umpristi omkhulu uHilikiya kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wamnika uShafani incwadi, wayifunda.


UHilikiya waphendula, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.


UMose wawuloba lo mthetho, wawunika abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;