Nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngenkonzo kaMose.
UDuteronomi 17:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe wenze ngokuvumelana nesigwebo abayoninikeza sona endaweni uJehova ayoyikhetha; futhi kumelwe wenze ngokucophelela ngokuvumelana nakho konke abakutshela khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova, uqaphele ukwenza njengakho konke abakufundisa khona; IsiZulu 2020 Ubokwenza njengalokhu benqumile, wenze lokho abayokutshela khona kuleyo ndawo uSimakade ayoyikhetha, uqaphele ukukwenza konke lokho abakufundisa khona. |
Nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngenkonzo kaMose.
Njengomthetho abayakunifundisa wona, nanjengesahlulelo abayakukutshela sona, nikwenze;
Kumelwe uye kubapristi abangamaLevi nomahluleli oyoba khona ngalezo zinsuku futhi ubuze; futhi bayonibonisa isigwebo sokwahlulela.