Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 13:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa kumelwe umbulale impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kepha wombulala impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

kepha niyombulala impela. Nguwena oyogalela kuqala bese kulandela bonke abantu lapho ebulawa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 13:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mkhipheni othukile ngaphandle kwekamu; bonke abamuzwayo mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, futhi lonke ibandla limkhande ngamatshe.


Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.


Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.


Kwathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: Ongenasono phakathi kwenu kaqale amjikijele ngetshe.


Bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe; ofakazi babeka izingubo zabo ezinyaweni zensizwa egama layo linguSawule.


Lowo mprofethi, noma lowomphuphi wamaphupho, uyobulawa; ngoba ukhulume ukuthi akususe kuJehova uNkulunkulu wakho owakukhupha elizweni leGibhithe, wakuhlenga endlini yobugqili, ukuthi akuxotshe endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akulaya ukuthi uhambe ngayo. Ngalokho kumelwe ususe ububi phakathi kwakho.


Khona-ke kumelwe umnqume isandla, iso lakho ngeke limhawukele.


Kumelwe uqede zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho azokusindisa zona; iso lakho aliyikubahawukela; ungakhonzi onkulunkulu bazo; ngoba kuzakuba lugibe kini.


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho; kumelwe ubahlule futhi ubashaye ngesiqalekiso; Ungenzi isivumelwano nabo futhi ungabahawukeli.