Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.
UDuteronomi 13:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wonke u-Israyeli uyakuzwa lokhu, esabe, angabe esabenza ububi obunjengabo phakathi kwenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho. IsiZulu 2020 Wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe, angaphinde enze ububi obunjengalobo obuphakathi kwenu. |
Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.
Shaya isideleli, abangenalwazi bayakuqaphela; ukhuze ohlakaniphileyo, uyakuqonda ukwazi.
Lapho isideleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha; uma ohlakaniphileyo efundiswa, uyakwamukela ukwazi.
Uzakuthi kubantwana bakoIsrayeli: Yilowo lalowo wabantwana bakoIsrayeli loba owezizwe ohlala kwaIsrayeli, onikela inzalo yakhe kuMoloki; kufanele abulawe impela; abantu bezwe bayakumkhanda ngamatshe.
INkosi yasisithi kuMozisi: Thatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyeke phambi kwe Nkosi elangeni, ukuze kubuye ulaka lwe Nkosi kaIsrayeli.
Uma uzwa komunye wemizi yakini esho lokho uJehova uNkulunkulu wakho akunike khona ukuba uhlale khona, ngokuthi:
Bonke abantu bomuzi wakubo bayakumkhanda ngamatshe, afe; khona-ke kumelwe ususe ububi ngaphansi kwakho; wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe.
Wayesethi uJoshuwa: “Usethuseleni na? uJehova uyakunesabisa namuhla. Wonke u-Israyeli wamkhanda ngamatshe, wabashisa ngomlilo, esebakhanda ngamatshe.