Ama-Avi enza oNibhasi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo ngomlilo ngenxa ka-Adrameleki no-Anameleki, onkulunkulu baseSefarivayimi.
UDuteronomi 12:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lalela, uzwe wonke lawa mazwi engikuyala ngawo, ukuze kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, uma nenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho. IsiZulu 2020 Qaphelani, ukuba niwezwe wonke lawa mazwi enginiyala ngawo ukuze kube kuhle kini nakubantwana benu eniyobazala kuze kube phakade, ngokuba niyobe nenza okuhle nokulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu. |
Ama-Avi enza oNibhasi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo ngomlilo ngenxa ka-Adrameleki no-Anameleki, onkulunkulu baseSefarivayimi.
Kepha wena, uma uhamba phambi kwami njengalokho wahamba uyihlo uDavide, wenze njengakho konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami;
wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe.
Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngiyawaxosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.
Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo;
Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo; futhi bonke bayoba nomalusi oyedwa; bayakuhamba ngezimiso zami, bagcine izimiso zami, bazenze.
Ngakho anogcina zonke izimiso zami nezahlulelo zami zonke, nikwenze lokhu: nginguJehova.
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.
Aniyikudla; ukuze kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, uma wenza okulungile emehlweni kaJehova.
Qaphela isifo sochoko, ukuqaphele, wenze njengalokho abapristi bamaLevi beyakukufundisa; njengalokho ngabayala, nenze njalo ngokucophelela.
Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.
Kumelwe nihambe ngazo zonke izindlela uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngazo, ukuze niphile, niphumelele futhi nibe nezinsuku eziningi ezweni eniyakulidla.