UDuteronomi 11:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe wenze ngokucophelela zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwakho namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla. IsiZulu 2020 Niyakuqikelela ukugcina zonke izimiso nezehlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.” |
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.
Ngoba lizawela iJordani lingene ukulidla ilizwe uJehova uNkulunkulu wenu azalinika lona, njalo lizalidla lihlale kulo.
Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakuzigcina ukuba nizenze ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunika lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.
Uma umfowenu, noma indodana kanyoko, noma indodana yakho noma indodakazi yakho, noma umfazi wesifuba sakho noma umngane wakho ofana nomphefumulo wakho, ekuyenga ngasese, ethi: Masihambe, sikhonze abanye onkulunkulu, osibusisile. Akwaziwa, nani noma oyihlo;
Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.
Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.
Ziqaphele ukuba ungamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.