UDuteronomi 11:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isibusiso, uma nilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla: IBHAYIBHELI ELINGCWELE isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla, IsiZulu 2020 Isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla. |
Tshela olungileyo ukuthi kuzakuba kuhle kuye, ngoba bazadla izithelo zezenzo zabo.
Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;
Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.
Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.