Nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe, bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe!
UDuteronomi 10:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathanda kuphela oyihlo ukuba abathande, wakhetha inzalo yabo emva kwabo nina phakathi kwezizwe zonke, njenganamuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla. IsiZulu 2020 Nokho uSimakade wanamathela kokhokho benu, wabathanda, waziqoka nezizukulwane zabo emva kwabo, yebo, wakhetha nina phakathi kwezizwe zonke, njengoba kunjalo nanamuhla. |
Nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe, bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe!
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.
Ngazi wena wedwa ezizukulwaneni zonke zomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.
Uma uJehova ethokoza ngathi, uyakusingenisa kuleli zwe, asinike lona; izwe elichichima ubisi nezinyosi.
Futhi ngenxa yokuthi wabathanda oyihlo, ngakho wakhetha inzalo yabo ngemva kwabo, futhi wakukhipha phambi kwamehlo akhe eGibhithe ngamandla akhe amakhulu;
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;