UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
UDuteronomi 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi uJehova wangilalela ngaleso sikhathi, futhi uJehova akathandanga ukunibhubhisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga. IsiZulu 2020 “Ngahlala entabeni njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; uSimakade wangilalela nangaleso sikhathi, akathandanga ukunibhubhisa. |
UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
INkosi yasisithi kuMozisi: Lami ngizakwenza lokhu okutshileyo, ngoba ufumene umusa emehlweni ami njalo ngiyakwazi ngebizo.
Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.
Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa.
UJehova wathi kimi: “Suka uphume phambi kwabantu ukuba bangene balidle izwe engalifungela oyise ngesifungo ukubanika lona.”
Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.