Ngemva kokubulala uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owayehlala e-Ashitaroti e-Edireyi.
UDuteronomi 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphesheya kweJordani, ezweni lakwaMowabi, uMose waqala ukumemezela lo mthetho, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi: IsiZulu 2020 Ngaphesheya kweJordani, kwaMowabi, uMose waqala ukuwuchaza lo mthetho, wathi: |
Ngemva kokubulala uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owayehlala e-Ashitaroti e-Edireyi.
UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: “Senihlale isikhathi eside kule ntaba.
UMose wawuloba lo mthetho, wawunika abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.
Wathi kubo: “Bekani izinhliziyo zenu kuwo wonke amazwi engiwafakazayo phakathi kwenu namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho.
Ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori, ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, owanqoba uMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka kini namuhla na?