Ngoba benze okubi emehlweni ami, bangiklolodela kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibhithe kuze kube lamuhla.
UDaniyeli 9:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nkosi, ukujabha kobuso kukithi, nakumakhosi ethu, nezikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, kithina kukhona amahloni obuso: kuwo amakhosi ethu, nakuzo izikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe. IsiZulu 2020 Simakade, thina sinamahloni: kuwo amakhosi ethu, nakuzo izikhulu zethu, nakokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe. |
Ngoba benze okubi emehlweni ami, bangiklolodela kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibhithe kuze kube lamuhla.
Kepha uma bezicabangela ezweni abathunjelwe kulo njengeziboshwa, baphenduke, bakhuleke kuwe ezweni lokuthunjwa kwabo, bathi: ‘Sonile, senzile okubi, senzile;
Manje izindlebe zakho mazilalele, uvule amehlo akho, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwuthandaza manje phambi kwakho, imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli, izinceku zakho, nezono zabantwana bakwa-Israyeli. Singavuma, ukuthi sonile kuwe: mina nendlu kababa sonile.
Ngokuba kwasekuqaleni kwezwe abantu abakuzwanga, abakuzwanga nangendlebe, abakubonanga ngeso, Nkulunkulu, ngaphandle kwakho, lokho amlungisele yena omlindileyo.
Ngenxa yabo bonke ububi babantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzile ukuze bangicunule, bona, namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.
Ukuze ucabange, ume unamahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, uma ngibuyisana nawe ngakho konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.
Laziphendulela izimiso zami zaba yibubi kunezizwe, nezimiso zami ngaphezu kwamazwe alihaqayo; ngoba bala izimiso zami lezimiso zami, kabahambanga ngazo.