Ngase ngibona ngenxa yezwi lamazwi amakhulu uphondo olwawakhulumayo: Ngabona kwaze kwabulawa isilo, nomzimba waso wachithwa, wanikelwa emlilweni ovuthayo.
UDaniyeli 7:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ezinye izilwane, ukubusa kwazo kwasuswa, kepha ukuphila kwazo kwandiswa isikhathi nesikhathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi. IsiZulu 2020 Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa zavunyelwa ukuba ziphile kuze kube yisikhathi esithile. |
Ngase ngibona ngenxa yezwi lamazwi amakhulu uphondo olwawakhulumayo: Ngabona kwaze kwabulawa isilo, nomzimba waso wachithwa, wanikelwa emlilweni ovuthayo.
Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe.
Ngayibona isondela enqameni, yayisaba, yayishaya inqama, yazaphula izimpondo zayo ezimbili; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo, kepha yaziphonsa enqameni. Wayihlaba wayinyathela, akwabakho ongayisindisa inqama esandleni sayo.