Inkosi yayisingena endlini yayo, yachitha ubusuku izila ukudla; alethwanga izinsimbi zomculo phambi kwakhe, ubuthongo bakhe bamuka kuye.
UDaniyeli 6:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke inkosi yavuka ekuseni kakhulu yaphuthuma emphandwini wezingonyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yavuka ekuseni kakhulu, yashesha yaya emphandwini wezingonyama. IsiZulu 2020 Inkosi yavuka kusempondozankomo, yaphuthuma emphandwini wezingonyama. |
Inkosi yayisingena endlini yayo, yachitha ubusuku izila ukudla; alethwanga izinsimbi zomculo phambi kwakhe, ubuthongo bakhe bamuka kuye.
Lapho ifika emgodini, yakhala kuDaniyeli ngesililo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo unamandla okukophula ezingonyameni na?
Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna.
Angibanga nakuphumula emoyeni wami, ngokuba angimfumananga uThithu umzalwane wami;
Ngalokho kwathi ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngazi ukukholwa kwenu, funa mhlawumbe umlingi unilingile, umshikashika wethu ube yize.