Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa.
UDaniyeli 5:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi uBelishasari yasikhathazeka kakhulu, ubuso bayo baguquka phakathi kwayo, lezikhulu zayo zamangala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona inkosi uBelishasari yesaba kakhulu, nokucwebezela kwayo kwaguquka kuyo, nezinduna zayo zamangala. IsiZulu 2020 Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala. |
Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa.
Manje niyabuza, nibone, uma umuntu ekhulelwa? Kungani ngibona wonke amadoda ebeke izandla zawo okhalweni njengobelethayo, nobuso bonke buphaphathekile?
Sizwile umbiko ngakho: izandla zethu zibuthakathaka; sibanjwe usizi nobuhlungu njengobelethayo.
Ngase ngisele ngedwa, ngabona lo mbono omkhulu, aphela amandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angibange ngibe namandla.
Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho, umoya wakhe waphazamiseka, nobuthongo bakhe bameqa.
Khona-ke ubuso benkosi bashintsha, futhi imicabango yayo yamethusa, kwaze kwaxebuka amalunga ezinkalweni zayo namadolo ayo ashayana.
Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba;