Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathumela wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zakhe zonke; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha kwakungekho noyedwa ongamchazela uFaro.
UDaniyeli 5:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke bonke abahlakaniphileyo benkosi bangena, kodwa babengakwazi ukuwufunda umbhalo, futhi abazange babonise incazelo yawo enkosini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo. IsiZulu 2020 Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo. |
Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathumela wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zakhe zonke; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha kwakungekho noyedwa ongamchazela uFaro.
Kepha lezi zinto ezimbili ziyakukwehlela ngokuphazima kweso, ngalusuku lunye, ukufelwa abantwana nobufelokazi;
“Inkemba imelene namaKaledi,” kusho uJehova, “naphezu kwabakhileyo eBhabhiloni naphezu kwezikhulu zalo nabahlakaniphile bayo.
UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo inkosi eyibuzayo, nabahlakaniphileyo, nabathakathi, nabathakathi, nabahlola imihlola, abanakwazise inkosi;
Mina, nkosi uNebukadinesari, ngalibona leli phupho. Manje wena Belitshasari, yazisa incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bangenakungazisa incazelo; kodwa niyakwazi; ngoba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.
Zase zingena izanusi, nabahlola izinkanyezi, namaKaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho; kepha abangazisanga incazelo yako.
Manje kwalethwa phambi kwami abahlakaniphileyo, nababuka izinkanyezi, ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha azikwazanga ukusho incazelo yalolu daba.