Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza.
UDaniyeli 4:35 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?” IsiZulu 2020 bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?” |
Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza.
Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?
Konke uJehova akuthandayo wakwenza ezulwini nasemhlabeni, olwandle nasezikhukhuleni zonke zezwe.
Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Yizwani lokhu nina zizwe zonke! lalelani nina nonke enakhileyo emhlabeni!
Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe eGibithe; yilowo nalowo okukhulumayo uyakwesaba phakathi kwakhe ngenxa yecebo likaJehova Sebawoti alinqumile ngalo.
Ngomphefumulo wami ngakufisa ebusuku; yebo, ngomoya wami phakathi kwami ngizokufuna ekuseni, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo emhlabeni bayofunda ukulunga.
Yebo, ngaphambi kosuku enganginguye; futhi akakho ongophula esandleni sami. Ngizosebenza, futhi ubani ozokuvumela?
Uyahlenga, asindise, wenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, owakhulula uDaniyeli emandleni ezingonyama.
Base bebiza uJehova, bathi: “Siyakuncenga, Jehova, ukuba ungabhubhi ngenxa yokuphila kwalo muntu, ungachithi igazi elingenacala phezu kwethu; ngoba wena Jehova wenzile okuhle emehlweni akho.
Ngakho-ke njengokuba uNkulunkulu ebanikile isipho esifana naso njengathi thina esakholwa yiNkosi uJesu Kristu; mina bengiyini ukuba ngimelane noNkulunkulu na?
ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.
Kepha uma kuvela kuNkulunkulu, anikwazi ukukuchitha; funa nifunyanwe ningabalwa noNkulunkulu.
Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.
kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;
Inkosi yaseJeriko yabikelwa, yathi: “Bheka, kufike lapha ebusuku amadoda avela kubantwana bakwa-Israyeli ukuhlola izwe.”
USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze lokho akubona kufanele.