INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.
UDaniyeli 4:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ekupheleni kwezinyanga eziyishumi nambili wayehambahamba esigodlweni sombuso waseBhabhiloni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasekugcineni kwezinyanga eziyishumi nambili wayehamba endlini yamakhosi eBabele. IsiZulu 2020 Ngasekupheleni kwezinyanga ezili-12 wayehamba endlini yamakhosi eBhabhele. |
INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.
Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.
Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Gawulani umuthi, ninqume amagatsha awo, niwasuse amaqabunga, nihlakaze izithelo zawo; izilwane maziphume ngaphansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.
Nguwe, nkosi, owakhula waba namandla, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bafinyelela emazulwini, nombuso wakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
Inkosi yasikhuluma yathi: Leli akusilo iBhabhiloni elikhulu engilakhele indlu yombuso ngamandla ami lodumo lobukhosi bami yini?
Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.
Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo;