UFaro wayesethumela wambiza uJosefa, baphangisa ukumkhipha emgodini; waphuca, wagqoka izingubo zakhe, wangena kuFaro.
UDaniyeli 2:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke u-Ariyogi washesha wamyisa uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi kuyo: “Ngithole umuntu eziboshwa zakwaJuda ozotshela inkosi incazelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.” IsiZulu 2020 U-Ariyokhi wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.” |
UFaro wayesethumela wambiza uJosefa, baphangisa ukumkhipha emgodini; waphuca, wagqoka izingubo zakhe, wangena kuFaro.
Laba ngabantwana besifunda abenyuka bevela ekuthunjweni, abathunjwa uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wabathumba, wabuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo;
Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Phakathi kwabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda, uDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya;
Khona-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yasikhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli yini, ongomunye wabantwana bakwaJuda abadingisiwe, inkosi, ubaba, eyabahola iphuma ezweni lamaJuda na?
Base bephendula, bathi phambi kwenkosi: “UDaniyeli, wabantwana bokuthunjwa bakwaJuda, akakulaleli, nkosi, noma umyalo owusayinileyo, kepha wenza isicelo sakhe kathathu ngosuku.