Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 12:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakuzwa, kepha angiqondanga; ngase ngithi: O Nkosi yami, kuyoba yini ukuphela kwalezi zinto na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngakuzwa, kepha angiqondanga, ngase ngithi: “Nkosi yami, isiphetho salokho siyakuba yini na?”

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 12:8
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje ngize ukuze ngikubonise okuzokwenzeka kubantu bakini ekupheleni kwezinsuku, ngoba nokho umbono ungowezinsuku eziningi.


Omunye wathi endodeni eyembethe ilineni eyayiphezu kwamanzi omfula: “Kuyoze kube nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”


Ngase ngizwa ukuthi indoda eyembethe ilineni, eyayiphezu kwamanzi omfula, yaphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene nesokhohlo, yafunga yena ophilayo kuze kube phakade ukuthi okwesikhathi, nezikhathi, nengxenye; futhi lapho eseqedile ukuhlakaza amandla abantu abangcwele, zonke lezi zinto ziyofezeka.


Wathi: Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avaliwe, anamathelisiwe kuze kube yisikhathi sokuphela.


Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele ethi kulowo owakhulumayo: “Koze kube nini umbono ongowemihlatshelo yemihla ngemihla nesiphambeko sencithakalo, ukunikelwa kwendlu engcwele nebutho ukunyathelwa phansi abe?


Kodwa bona kabaqedisisanga lutho lwalezozinto, lelizwi lalifihlakele kubo, njalo kabakwazi okwakhulunywayo.


Lezizinto abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni;


Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.


behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela.