UDaniyeli 11:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngemva kwalokho uyophendulela ubuso bakhe eziqhingini futhi athathe eziningi; ngaphandle kwesihlamba sakhe uyakusiphendulela kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye. IsiZulu 2020 Uyakuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, adle eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye. |
Ngiyakwenza isibonakaliso phakathi kwabo, ngibathume abaphunyukileyo kubo ezizweni, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abansala umnsalo, eThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingazange zibe khona. Wezwa amahemuhemu ami, akabonanga inkazimulo yami; bayakumemezela inkazimulo yami phakathi kwezizwe.
Ngokuba dabulani eziqhingini zaseKitimi, nibone; nithumele eKedari, nilalelisise, nibone ukuthi ikhona yini into enjalo;
Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemezele eziqhingini ezikude, nithi: ‘Ohlakazayo u-Israyeli uyakumbutha, amgcine njengomalusi umhlambi wakhe.
Ngama-oki aseBashani bawenza izigwedlo zakho; uquqaba lwase-Asiriya lwenze imibhede yakho ngezinyo lendlovu, balethwa eziqhingini zaseKitimi.
U-Efrayimi wamgcona kabuhlungu; ngalokho igazi lakhe uyakulishiya phezu kwakhe, nesihlamba sakhe siphendule iNkosi yakhe kuye.
UJehova uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakwenza ukuba bonke onkulunkulu bomhlaba balambe; futhi abantu bayokhuleka kuyo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Wayesethi u-Adoni-bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisithupha neshumi ayenquma izithupha noqukula abutha phansi kwetafula lami; njengoba ngenzile, kanjalo uNkulunkulu ungibuyisele. Basebemyisa eJerusalema, wafela khona.