UJehova wayeseselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami. Wayesethi uJehova kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
UDaniyeli 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kwangithinta isandla, sangimisa emadolweni ami nasezintendeni zezandla zami; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami. IsiZulu 2020 Ngathintwa yisandla, sanginyakazisa ukuba ngigaqe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami. |
UJehova wayeseselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami. Wayesethi uJehova kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
Bheka, onjengamadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngivula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kobemi phambi kwami: “O nkosi yami, ngokubona izinsizi zami ziphendukele kimi, angibange ngibe namandla.
Esakhuluma nami, ngase ngilele ubuthongo obunzima, ubuso bami bubheke phansi, kepha wangithinta, wangimisa.
Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.
Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;