Cela kimi, ngikunike izizwe zibe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Silodadewethu omncane, njalo kalawo amabele; kumele senzenjani nosisi wethu mhla kukhulunywa ngaye? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na? IsiZulu 2020 Sinodadewethu omncane, ongakahlosi. Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na? |
Cela kimi, ngikunike izizwe zibe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.
Amabele akho amabili anjengamazinyane embuzi amabili angamawele aklabile phakathi kweminduze.
Mina ngiludonga, amabele ami anjengemibhoshongo; ngase nginjengomngane othandekayo emehlweni akhe.
Uma elugange, siyakwakha isigodlo sesiliva phezu kwalo; futhi uma kuwumnyango, sizowubiyela ngamapulangwe omsedari.
Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.
Udadewenu omkhulu uyiSamariya namadodakazi alo ahlala ngakwesobunxele sakho; udadewenu omncane ohlala ngakwesokunene sakho yiSodoma namadodakazi ayo.
Khona-ke uyozikhumbula izindlela zakho futhi ube namahloni, uma wamukela odadewenu, abadala bakho nabancane bakho; ngizakunika bona babe ngamadodakazi, kodwa kungeyisikho ngesivumelwano sakho.
Ngakwenza wande njengembewu yasendle, wanda, wakhula, wafika emihlobeni emihle kakhulu;
Uyakugcwala ukudakwa nosizi, endebeni yokumangala neyencithakalo, indebe yodadewenu iSamariya.
Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.
Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa.
Kwakukhona eKesariya indoda ethile, uKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa ibutho lamaNtaliyane,
Kwabonakala umbono kuPawulu ebusuku; kwakumi indoda yaseMakedoniya, imncenga, ithi: Welela eMakedoniya, usisize.
Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona;
nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.