Labo abathathu bafohla impi yamaFilisti, baka amanzi emthonjeni waseBhetelehem owawusesangweni, bawathatha, bawayisa kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, wawathululela kuJehova;
IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngibeke njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; Umhawu unonya njengeHayidesi: amalahle awo angamalahle omlilo alangabi elinamandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova. IsiZulu 2020 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla. |
Labo abathathu bafohla impi yamaFilisti, baka amanzi emthonjeni waseBhetelehem owawusesangweni, bawathatha, bawayisa kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, wawathululela kuJehova;
Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami; ngiyakukufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena, inyama yami iyakulangazelela ezweni elomileyo elomileyo, elingenamanzi;
Umphefumulo wami ulangazelela, yebo, ulangazelela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nenyama yami kukhalela kuNkulunkulu ophilayo.
Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, ishumi nambili ngokwamagama abo, njengokuqoshwa kophawu; kube yileso naleso negama laso ngokwezizwe eziyishumi nambili.
Ngokuba isikhwele siyintukuthelo yendoda; ngakho-ke kayikuyekela ngosuku lokuphindisela.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma ningithola othandekayo, nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
Bheka, ngikubhalile ezintendeni zezandla zami; izingange zakho ziphambi kwami njalo.
Kuphila kwami, usho uJehova, noma uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebeyindandatho yophawu esandleni sami sokunene, bengiyakukukhipha khona;
Ngalolosuku, itsho iN kosi yamabandla, ngizakuthatha, Zerubabele, nceku yami, ndodana kaSheyalitiyeli, itsho iNkosi, ngikwenze ube yindandatho, ngoba ngikukhethile, itsho iN kosi yezizwe ababungazi.
Ngokuba bheka, itshe engalibeka phambi kukaJoshuwa; etsheni linye kuyakuba namehlo ayisikhombisa; bheka, ngiyakuqopha umbhalo wakhe,” usho uJehova Sebawoti, “ngisuse ububi balelo zwe ngalusuku lunye.
UPinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni umpristi, wayinqanda intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, eshisekela phakathi kwabo ngenxa yami, ukuze ngingabaqedi abantwana bakwa-Israyeli ngokushisekela kwami.
Umoya wesikhwele wamfikela, waba nesikhwele ngomkakhe, wangcola; noma uma umoya wesikhwele umfikela, abe nesikhwele ngomkayo, kepha yena angangcoliswa;
Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.
UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.
Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso.
Ngokuba ngiyanishisekela ngesikhwele sikaNkulunkulu, ngokuba nganandisela endodeni eyodwa, ukuze nginethule kuKristu niyintombi emhlophe.
Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.
Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.
Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.