IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami; udla ngaphansi kweminduze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze. IsiZulu 2020 Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze. |
Ngitshele, wena othanda umphefumulo wami, lapho uklaba khona, lapho uphumula khona umhlambi wakho emini; ngoba kungani ngizakuba njengohlubuke emihlambini yabangane bakho?
Amabele akho amabili anjengamazinyane embuzi amabili angamawele aklabile phakathi kweminduze.
Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi; Ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.