IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami; izandla zami zaconsa imure, neminwe yami imure elimnandi, ezibanjeni zesihluthulelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami; izandla zami zaconsa imure,* neminwe yami imure elimanzi phezu kwezibambo zesihluthulelo. IsiZulu 2020 Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo. |
Ngubani lo ophuma ehlane njengezinsika zomusi, egcotshwe ngemure nangempepho, kanye nazo zonke izimila zomthengisi?
Izihlathi zakhe zinjengombhede weziqholo, njengezimbali ezimnandi; izindebe zakhe njengeminduze econsa imure elinuka kamnandi.
Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.
Nani nibe njengabantu abalindele inkosi yabo, lapho ibuya emshadweni; ukuze kuthi nxa efika engqongqotha, bamvulele masinyane.
njalo kungeyisikho ngokufika kwakhe kuphela, kodwa langenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esitshela ukulangatha kwenu, ukulila kwenu, lokungitshisekela kwenu; ngaze ngathokoza kakhulu.
ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.