IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izitshalo zakho ziyinsimu yamahalananda, izithelo ezimnandi; i-camphor, ne-spikenard, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amahlumela akho ayihlathi lamapomegranati* anezithelo ezinqabileyo, ihena* kanye nenadi,* IsiZulu 2020 Izitshalo zakho ziyisivande samahananadi esithela izithelo zekhethelo; ihena elinamanadi, |
Ngazenzela izivande nezivande zezithelo, ngatshala kuzo imithi yazo zonke izinhlobo zesithelo.
Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wawo ngokujabula okukhulu, nesithelo sawo sasimnandi emlonyeni wami.
inadi nesafroni; ukala, nesinamoni, kanye nayo yonke imithi yenhlaka; imure nenhlaba kanye nazo zonke izinongo eziphambili;
Vuka, moya wasenyakatho! woza wena ningizimu! phephetha phezu kwensimu yami, ukuze amakha ayo aphume. Othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle isithelo sakhe esimnandi.
Ngehlela ensimini yamantongomane ukuze ngibone izithelo zasesigodini, ngibone ukuthi umvini uyakhama yini, namapomegranati ayakhama yini.
Othandiweyo wami wehlela ensimini yakhe, eziqholweni, ukuba adle emasimini, abuthe iminduze.
Bengiyakukuhola, ngikungenise endlini kamame, abeyakungifundisa; bengiyakunathisa izinongo zompomegranati wami.
Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, balidle ifa lomhlaba kuze kube phakade, ihlumela lesitshalo sami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.
Ngokuba njengalokhu umhlaba uthela imbewu yawo, nanjengensimu ehlwanyelwe kuwo iwuhlumisa; kanjalo iNkosi uJehova iyakwenza ukuba kuhlume ubulungisa nodumo phambi kwezizwe zonke.
Akekho ongasunduza omunye; bayakuhamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, uma bewa ngenkemba, abayikulinyazwa.
Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu; wahlephula umfuma, wamthela ngawo ekhanda.
UMariya wayesethatha ilitha lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.
nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.