Wababela abantu bonke, isixuku sonke sakwa-Israyeli, kwabesifazane namadoda, kwaba yilowo nalowo iqebelengwane lesinkwa, neqatha lenyama, negabha lewayini. Basuka bonke abantu baya ezindlini zabo.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngibambe ngamaphiko, ungiduduze ngama-apula, ngokuba ngiyagula ngothando. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, ngihlumelele ngama-apula,* ngokuba ngiyafa uthando. IsiZulu 2020 Ngondle ngamakhekhe anamagilebhisi omisiwe, ungivuselele ngamahhabhula, ngokuba ngiyafa wuthando. |
Wababela abantu bonke, isixuku sonke sakwa-Israyeli, kwabesifazane namadoda, kwaba yilowo nalowo iqebelengwane lesinkwa, neqatha lenyama, negabha lewayini. Basuka bonke abantu baya ezindlini zabo.
Wanika wonke u-Israyeli, owesilisa nowesifazane, kwaba yilowo nalowo iqebelengwane lesinkwa, neqatha lenyama, nendebe yewayini.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma ningithola othandekayo, nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
Ngathi: Ngizakwenyukela esihlahleni selala, ngibambe amagatsha awo; manje namabele akho ayakuba njengamahlukuzo omvini, nephunga lekhala lakho njengama-apula;
Wayesethi uJehova kimi: “Hamba, uthande owesifazane othanda umngane wakhe, kepha oyisiphingi, njengokuthanda kukaJehova kubantwana bakwa-Israyeli, ababheka abanye onkulunkulu nabathanda imigodla yewayini.
Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?
Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu: