IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwamadodakazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi. IsiZulu 2020 Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintokazi. |
Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wawo ngokujabula okukhulu, nesithelo sawo sasimnandi emlonyeni wami.
Endaweni yameva kuyakumila umsayipuresi, endaweni yokhula kukhule umuthi wombomvana; kuyakuba yigama likaJehova, kube yisibonakaliso esiphakade esingayikunqunywa.
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.