IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza; Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze uhambe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.” IsiZulu 2020 Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.” |
Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze.
Sithatheleni izimpungushe, izimpungushe ezincane ezichitha izivini, ngokuba izivini zethu zinezithelo zomvini.
Ngehlela ensimini yamantongomane ukuze ngibone izithelo zasesigodini, ngibone ukuthi umvini uyakhama yini, namapomegranati ayakhama yini.
Ngathi: Ngizakwenyukela esihlahleni selala, ngibambe amagatsha awo; manje namabele akho ayakuba njengamahlukuzo omvini, nephunga lekhala lakho njengama-apula;
Ngoba ngaphambi kokuvuna, lapho ihlumela seliphelele futhi izithelo zomvini ezimuncu sezivuthiwe embalini, kumelwe anqume amagatsha ngemimese yokuthena imithi futhi asuse amagatsha futhi awanqume.
Ngokuba njengalokhu umhlaba uthela imbewu yawo, nanjengensimu ehlwanyelwe kuwo iwuhlumisa; kanjalo iNkosi uJehova iyakwenza ukuba kuhlume ubulungisa nodumo phambi kwezizwe zonke.
Amagatsha awo ayakunwebeka, nobuhle bawo bube njengomnqumo, nephunga lawo libe njengeLebhanoni.
Imbewu isekhona yini esiphaleni na? yebo, umvini, nomkhiwane, nomhalananda, nomnqumo, akukatheli; kusukela namuhla ngizokubusisa.
Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze;
esithi: Aluba ubusazi lawe ngalolusuku lwakho, izinto zokuthula kwakho! kepha manje zifihliwe emehlweni akho.