U-Esawu wayesethi kuJakobe: “Ake ngizwe lokho okunathwayo okubomvu; Ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.
Obadiya 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: ‘Sizwile umbiko ovela kuJehova, futhi isithunywa sithunyiwe phakathi kwezizwe, sithi: Sukani, simvukele ukulwa.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.” IsiZulu 2020 Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.” |
U-Esawu wayesethi kuJakobe: “Ake ngizwe lokho okunathwayo okubomvu; Ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.
Khumbula, Jehova, abantwana bakwa-Edomi ngosuku lweJerusalema; owathi: Dilili, lihlukanise, kuze kube sesisekelo salo.
Umthwalo kaDuma. Wangibiza eseSeyiri, wathi: “Mlindi, ebusuku na? Mlindi, kuthiwani ngobusuku?
Uthi umlindi: Kuyeza ukusa, nobusuku futhi; uma ufuna ukubuza, uyabuza; buya, woza.
Ngayithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaphuzisa izizwe zonke uJehova angithume kuzo.
Futhi ukuze inhliziyo yenu ingapheli futhi nesabe imibiko eyozwakala ezweni; kuyofika inzwabethi kokubili unyaka owodwa, futhi ngemva kwalokho ngomunye unyaka kuzofika umbiko nobudlova ezweni, umbusi emelene nombusi.
IGibithe liyakuba yincithakalo, no-Edomi abe yihlane eliyincithakalo, ngenxa yobudlova phezu kwabantwana bakwaJuda, ngokuba bachitha igazi elingenacala ezweni labo.
Umfohli uyakhuphuka phambi kwabo; babhodloza bangena ngesango baphuma ngalo; inkosi yabo iyakuphuma phambi kwabo, noJehova eyinhloko yabo.
Nxa nisizwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kodwa ukuphela kungakafiki.