NgokukaMarku 9:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi besehla entabeni, wabalaya ukuthi bangatsheli muntu izinto abazibonileyo, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. IsiZulu 2020 Sebehla entabeni, uJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngabakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi besehla entabeni, wabalaya ukuthi bangatsheli muntu izinto abazibonileyo, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu. |
Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.
besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka.
UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.
Wathi kubo: Kulotshiwe kanje, lokuthi uKhristu umelwe ukuhlupheka, njalo avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.
Kwathi izwi seliphumile, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bakugcina, abatshela muntu ngalezo zinsuku lutho lwalezo zinto ababezibonile.